Amadoda angosaziwayo asebonakala egqoke iziketi kulezinsuku
Bekungu washiywa washiywa ngenqephu, osaziwayo bendle ukotini ku Met Gala, ebeyise Metropolitan Museun of Art eNew York kuthangi
Osaziwayo bebekhiphe unyawo kulomcimbi wenqephu owenzeka minyaka yonke. Lapho osaziwayo kwezenfashini, kwezomculo nomabonakude bekhipha ikhono labo ku khaphethi obomvu red carpet phecelezi.
Kodwa indabuzekwayo ukubonakala kuka Asap Rocky oyisinqandamathe sika Rihanna, egqoke isiketi sesikoshi phezu kwebhulukwe. Kulamalanga sekwandile ukubona osaziwayo besilisa begqoke iziketi. Phela isiketi yimpahla egqokwa abesimame kodwa kulezinsuku nabesilisa bayasigqoka kakhulu ku khaphethi obomvu noma eminye imicimbi emikhulu.
Umdlali webhola wala ekhaya uLinda Mtambo, wasusa izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana emvakokubonakala egqoke isiketi. Abanye abantu bathi bona cha abayiboni kuyinto enhle indoda igqoke isiketi abanye bathi abayiboni inkinga lapho inqobo nje yena ekhululekile.
Isithombe: Getty Images/Dimitrios Kambouris