Abaculi babonga iSoweto neOrange Farm engomeni

UBafana ‘Bihg Fiish’ Ngwenya wase-Orange Farm, Ext 2 ngokubambisana noThomani ‘Tomzinbeat’ Matsa wase Soweto, Protea Glen, Ext 11, bakhiphe ingoma eyodwa enesihloko esithi ‘iKas’ Lam’ ngo Ndasa, ngamunye ecula ngendawo yangakubo

By Queen Machimana

Evesini labo, laba baculi baxoxa ngokuthi umphakathi wabo ubasize kanjani ukuthi babe ngabantu abayibo manje. Naphezu kwezinselelo zomnotho ezibhekene nomphakathi. Ingoma yohlobo lwe-hip-hop nengxenye yeKwaito nePiano; ithathwe ku-EP ezayo ethi The Invisible Crown EP ekhishwe ngoMbasa.

iKas’ Lam iqoshwe ngaphansi kwenkampani yokuqopha kaNgwenya, iOff Muzic Society, yadidiyelwa ngabakwaTomzinbeatz. Futhi kuzoba ingoma yabo yokuqala ekhishwe ndawonye kulo nyaka. Leli culo lingatholakala kuSlikourOnLife nakuzo zonke izinkundla zomculo.

Ukuthola ulwazi olwengeziwe, thintana noBafana Ngwenya ku-069 111 2603 noma uThomani Matsa ku 082 645 4150.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *