Iyaqhubeka indlala yezindondo ku Kaizer Chiefs
IKaizer Chiefs, isineminyaka eyisishiyagalombili ingawini ndondo. Ngomgqibelo beyinethuba lokuthatha noma eyodwa kodwa lokho kushabalele evakokukhishwa ku Nedbank Cup yi Orlando Pirates
Ngomgqibelo iKaizer Chiefs beyibhekene nezimbangi zayo ezinkulu iOrlando Pirates, ku Soweto Derby, eFNB Stadium. Kulomdlalo bekulwelwa indawo ku final yeNedbank Cup. I Pirates ishaye amakhosi ngo 2-1 yandlulela ku final lapho iyobhekana khona ne Sekhukhune United.
Ukukhishwa kwe Chiefs ku Nedbank Cup, kusho ukuthi wonke amathemba ayo okuwina indebe kulesizini ashabalele. Lezizindaba aziphathanga kahle abalandeli bamakhosi.