Bamisiwe emsebenzi abavikeli (VIP Protection Unit) ngenxa yecala lokushaya

Ngeviki elendlule ividiyo yabavikeli ( VIP Protection Unit) beyigcwele ezinkundleni zokuxhumana lapho bebonakala khona beshaya kabuhlungu amadoda amathathu.

Ngomsombuluko bamisiwe emsebenzini labasolwa.Lesisehlakalo senzeke kuN1 eGoli futhi sithukuthelise abaningi kakhulu. Kuthiwa abavikeli laba baxhunyaniswa nethimba elivikela isekela mongameli.

Lelithimba ebelihlome lizingovolo libonakala kuvidiyo lishaya liphinde likhahlele abelisa abathathu. Laba abahlaselwe babonakala belele phansi bengabuyiseli.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier, Athlenda Mathe, ukuqinisekisile ukuthi lelithimba limisiwe emsebenzini ngenkathi kusaphenywa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *