Uyaqhubeka umdlalo phakathi kwe Orlando Pirates ne Maccabi Tel Aviv

Uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe umdlalo wobungani phakathi kweqembu le Pirates neqembu lakwa Israel iMaccabi Tel Aviv namuhlanje eSpain. Lomdlalo uzodlala ngehora lesibili eTBC Stadium.

Kube nezinkulumo eziningi ngalomdlalo lapho umbuso kanye namaqembu alwela amalungelo abantu anxuse iPirates ukuba ingadlali naleqembu elibuya eIsreal, phela lendawo yaziwa njenge ‘Isreal apartheid’.

IPirates iziphendulele yathi yona imenyiwe ukuba izodlala kulomqhudelwano ohlanganiswe umhlanganisi wemidlalo we FIFA.

Lomqhudelwano uhlanganise amaqembu abuya eAfrica, Asia, Europe neMiddle East. IPirates izoba seSpain amaviki amabili lapho izobe idlala khona imidlalo yobungani ngenhloso yokuzilungiselela isizini entsha. Kulomqhudelwano izophinde idlale neIndependiente Del Valle kanye neUD Las Palms.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *