Chipolopolo ikhiphe iBafana Bafana ku Cosafa Cup

Ngolwesihlanu iBafana Bafana itholanephezulu neZambia emdlalweni wama semi-finals eCosafa Cup eKing Zwelithini Staduim eThekwini. Akuyihambelanga kahle iBafana Bafana ikhishiwe kulomqhudelwano.

Amathuba eBafana Bafana okuthatha indebe yeCosafa ashabalele ngenkathi ishaywa ngo 2-1 yiZambia okuyiyona evikela lesisicoco. Chipolopolo izobhekana neLesotho kowamanqamu bese kuthi iBafana Bafana ibhekane neMalawi emdlalweni wokulwela indawo yesithathu.

Iqembu lakuleli belidlala kahle kakhulu kulomqhudelwano ngeshwa alikhonanga ukundlula kuZambia.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *