Uphelezelwe umphakathi uXolani weMoja Love ezinikela emaphoyiseni

Uphelezelwe amalungu enhlangano eqapha ezokuphepha emphakathini umethuli wohlelo iSizokuthola uXolani Khumalo. UKhumalo ephelezelwe abe-Ekurhuleni Thatha-Zonke Anti-crime Unit eyozinikela emaphoyiseni aseKatlehong.

Kwividiyo efakwe enkundleni uTwitter, uXolani ubonge amalungu omphakathi ngokumeseka njengoba emphelezele esiteshini samaphoyisa.“Into engifuna ukunitshela yona sizoqhubeka sisebenze, le nto eyenzekile amanye amaphoyisa awayenzi,” kusho yena etshela abebemphelezela.Uqhubeke wathi amaphoyisa athe azoxhumana naye uma sekukhona ulwazi aludingayo kuyena.

Isiteshi asebenza ngaphansi kwaso iMoja Love siveze ukuthi kukhona uphenyo olwenzayo ngemuva kokuvela kwezinsolo zokuthi owayesolwa ngokudayisa izidakamizwa, uRobert “Kicks” Varrie, kuthiwa washona ngemva kokuthelwa ngenduku kuthiwa akakhiphe izidakamizwa okwakusola ukuthi uzithukuse endlini yakhe.

Isigameko kuthiwa senzeka kuqoshwa uhlelo ngoLwesithathu ngeledlule, siphethe ngokushona komlisa okuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eThelle Mogoerane, eVosloorus, kwagcina kumanele. Amaphoyisa kuthiwa aphenya icala lokubulala.

Iphephandaba eliphuma ngeSonto, iCity Press, liveze ukuthi ithimba labaqopha iSizokuthola, elalihlomile liphelekezelwa wuphiko lomphakathi olulwa nobugebengu iThatha-Zonke, oludume ngokusebenzisa isankahlu esifaniswa naleso esasisetshenziswa ngesikhathi sobandlululo, lagasela emzini kamsolwa.

UNozwakazi Cekete okhulumela isiteshi uthe kuvela ukuthi isigameko senzeka ngoJulayi 19, eKatlehong, Ekurhuleni, ithimba leSizokuthola lalithole ukuthi kukhona izidakamizwa.“Esingakuqinisekisa ukuthi ngokwethu ulwazi olutholwe yithimba lalolu hlelo nabantu esasisebenza nabo emphakathini, beluyilona. Siyakuqonda ukuthi ngesikhathi kugaselwa lapho babeya khona ithimba lalihambisana nabomthetho,”kusho uNokwazi.

“Umsolwa obenezidakamizwa manje ongasekho emhlabeni wanqaba ukusebenzisana nomthetho nethimba lomphakathi elilwa nobugebengu ababewufake umfaniswano wabo oveza ukuthi bangobani,” kuchaza uNozwakazi.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *