Ingabe aphephile amakhaya ahlala abakhubazekile?
Kubalulekile ukuba imindeni ehambisa amalunga awo emakhaya ahlala abakhubazekile ahlale eya eyobheka ukuthi ingabe bahleli kahle na.
Ziningi izinto ezenzeka emakhaya anakekela abangakwazi ukuzinakekela. Futhi abaphethe lamakhaya bayakwazi ukufihla okubi, benze ngathi konke kuhamba kahle kanti lutho nje. Abanye abaphethe lamakhaya bawavule ngothando besekuthi abanye benzela imali nje.

Ungahlala ukhululeke ucabanga ukuthi umuntu wakini noma umzali wakho uphethwe kahle lapho ekhona kanti lutho nje. Uyayikhipha imali njalo kodwa ungathola ukuthi umuntu wakini akadli ngokwanele, akagezwa, akashitshwa inabukeni, mhlawumbe uyashaywa.