Uthole ibheyili umyeni kathishanhloko ogxavule umfundi ngezinwele

Owesilisa obonakala kwi-video esezinkundleni zokuxhumana ebamba ngesidlozana umfundi ngezinwele, uvulelwe icala lokushaya. U-Andries Booysen oneminyaka engu-51 obudala uvele kancane eNkantolo yeMantshi eMidrand lapho athole khona ibheyili kaR2000.

Isenzo salo mlisa okuthiwa ngumyeni kathishanhloko wesikole iCrowthorne Christian Academy, sishiye abaningi bethukuthele bethelwe ngezibonkolo. Lo mlisa ugxavule umfundi oneminyaka engu-13 ubudala ngoba enengwa wukuthi unamagoda ekhanda okuyisitatela athi kasihambisani nemigomo yesikole.

Yize lesi sikole sinenqubomgomo eyala abafundi ngokuthi hloboluni lwezitayela ezenziwayo nezingenziwa, abakwaGcabashe, okungumndeni walo mfundi ogamalakhe ligodliwe ukuze avikeleke, bathi le nqubomgomo ayisibali isitayela samagoda ngoba singesezinwele zakhe zemvelo, ngaleyo ndlela bekungafanele indodakazi yabo icwaswe kanje.

UMnuz Steve Mabona okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uthi akwamukelekile ngempela okwenzekile kumfundi. “Umnyango uthumele abasebenzi abazohlola isimo nenqubomgomo yabo, ukuze isebenzele wonke umuntu. Akukho okubi ngamagoda ngoba yizinwele zemvelo futhi akukho okubi ngokuluka ngama-extension. Izikole kumele zigxile ekufundiseni nasemfundweni,” kusho uMabona.

Umthombo: Isolezwe

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *